Ngiyakhuleka ku Mdali, Umnini mandla onke, oziqu zintathu, Owavela Kuqala. Ngiyakhuleka ku Sekhmet uMlaphikazi Indlovukazi yenhlambuluko nenhlanzeko. Ngiyakhuleka ko Khokho No Khokhokazi, Ngiyakhuleka kubona bonke abanebala elinsundu lika Mdali.
Sikuleso sikhathi samaqiniso ka Mlaphikazi lapho khona singaphakathi kwesibeletho seNdlovukazi uNomkhubulwane. Singene kulesibeletho ngoMkhosi wesililo SIka Nomkhubulwane ebesiwenze eMaNgwaneni, siyoze siphume kulesibeletho ngo Mandulo sesihlangabeza uMvuseleli.
Umlaphikazi usikhumbuza ukubaluleka kweqiniso emvelweni ka Mvelinqangi. Lapho iqiniso lingekho khona impilo ayibi khona njengoba sibona emhlabeni namhlanje. Izigodlo zokhokho zobukhosi zabulawa kwakhiwa ezalezidalwa eziyizimbulu. Izimbulu lezi ogogo bebeyaye bexwayise ngazo njalo uma besixoxela izinganekwane. Bebeveza kabanzi ogogo imfihlo yalezidalwa lapho ziziveza njengezidalwa ezihlose okuhle kanti zihlose okubi. Siyabona ukuthi okhokho babenganteli nje kuphela kepha babesuke besihlomisa ngokujulile ukuthi sikwazi ukubhekana nalezidalwa ezingama Chitawuri.
Kungani sithi amasonto ayizigodlo zezimbulu ama Chitawuri?
Umkhulu Credo Muthwa usifundisile kabanzi ngalezidalwa waphinde wazakha ngezandla eziqopha ngokusansimbi ukuze sisibone. Akagcinanga lapho kuphela kepha uye wahlangana nazo entabeni elaphaya eZimbabwe lapho khona ezamenzakalisa kabuhlungu. Esikuphawulayo ukuthi akabuyanga esenamandla okubopha imiqindo yabaNtu futhi akabuyanga wakhuluma kahle ngalezi zidalwa. Kepha ubuye waqwashisa kabanzi ngobungozi balezi zilwanyana.
Uma sibuka lapha olimini lwesiZulu sinegama esithi Ukumbuluza, okusho phecelezi ukwenzisa okwembulu (pretending) lapho wenza into ethile engathi ingokuthile kanti chabo, okusho ukuthi ukumbuluza ukuqamba amanga.
Uma siqhubeka sibheka lapha esontweni ukuthi kwenziwani uma kuthiwa kuyakholwa, siyathola ukuthi ukukholwa isimo sokwenza sengathi into uyayazi kepha ungayazi, ngamafuphi ukuqamba amanga, ukumbuluza.
Emasontweni kuhamba phambili into ebizwa ngokuthi ukushumayela, lokhu yilapho kukhiqizwa khona imibono, imilando, iziqinisekiso ezinganabufakazi, ezinye ezingakaze zenzeke, noma ezingamanga aluhlaza cwe. Lokhu kwenza akusikhona okwabaNtu kepha ukwenza kwezimbulu ngenhloso yokuqeda iqiniso kubaNtu lingabibikho kepha kuchume ukumbuluza. Uma sekushunyayelwe kunezinto eziningi ezenziwayo ukuthi akukholelwe kulokhu okade kushunyayelwa ngaphandle kokuba kubhekisiswe kucutshungulwe. Kuyaye kukhandwe uvalo ngokuthi lowo ongakholelwa kulokhu okushiwoyo uzobhekana nobunzima obukhulu kakhulu emaphakadeni. Lolu valo lukhandeka kalula nje ngoba kuthathwe lokhu esikwaziyo kwaphendulwa kwaba yingozi kithina (Ideological subversion), kuphendulwa usiko, ulimi lwethu lusho okunye okungesikho okomdabu wolimi lwethu. Isiboneleo iZulu lasesontweni akusilona elomdabu wokhokho leli esiyaye size sithi liyaduma, iNkosi nobukhosi besonto akusibo lokhu kuka Mvelinqangi kepha okwama Chitawuri.
Uma sikucubungula lokhu kwenza siyakubona ukuthi noma kanjani kuyisakhiwo sama Chitawuri, lapho khona ebizela ezintabeni abathize ebanikeze amandla okukwazi ukunqoba umqondo ka Mvelinqangi weqiniso kubaNtu befake lomqondo wokumbuluza. Lapho abahungulwa amaChitawuri sibathola sebehola abaNtu abaningi abansundu bebaholela ezindleleni zobumbulu ezingamfuni uMvelinqangi.
uMkhulu Credo MuThwa uyasho ukuthi lezidalwa eziyimbulu zakwazi ukuthi zihlangane nabaNtu zizalwe sezizalwa zifana nabaNtu kanti akunjalo. Lapha emasontweni siyabona ngezenzo zakhona ukuthi impela aphethwe ama Chitawuri izidalwa ezinonya olubi kakhulu kanye namanga ayisimangaliso. Siyaye sicacelwe lapha emasontweni ngobumbulu bakhona uma sizwa abanye abanalo ulwazi lokuthi ibhayibheli lingamampunge kepha baqhubeke bafundise abaNtu baka Mdali wona lawo mampunge. Siphinde sibone benza sengathi bayabathanda abaNtu kepha bathathe izimali, imfuyo kanye nesikhathi sabaNtu ukuze bazakhele imicebo yabo nemindeni yabo. Konke lokhu bakwenza besebenzisa isimo sabo sokuba ama Chitawuri, okungukuthi ilezo zidalwa uMkhulu Credo MuThwa asifundise ngazo, izimbulu.
Uma sibuka ithelevishini kulapho sicacelwa bha ngobunjalo besayensi yam Chitauri, Ithelevishini iyakwazi ukuveza into engekho ibe khona kanti futhi iyinto ehamba phambili ukwedlula zonke izinto kulomhlaba esiphila kuwona. Yonke into ekhulunywayo neyenziwayo ivezwa kuyona ithelevishini, izindaba, imidlalo, umculo, amafilimu kamuva kanye nokufundisa kuvezwa kuyena umqambi manga omkhulu ithelevishini. Umqondo wokwakha ithelevishini uyefana ncimishi namasoNto lapho kudwetshwa nakhona izithombe ezingamanga kuthiwe izinto ezenzeka ngomlingo, ngesimangaliso. Kuze kwembathwe izinto kuthiwe ezasezulwini ngoba kuqhutshwa lesayensi yezimbulu.
Amasonto kanye no Lwazi
Amasonto ayizigodlo zokukholwa, noma zobumbulu ngoba awazwani no Lwazi, inhloso yawo ukugumuza ingqondo kumuNtu igcine ingasasebenzi ngendlela ka Mdali, uMvelinqangi. Amasonto afundisa ajulise isizwe esimnyama ngalencwadi yazo izimbulu ebizwa ngebhayibheli efihlayo lonke uLwazi ngomlando womhlaba, kanye nabaNtu abansundu. Lencwadi empeleni ikhuluma ngomlando wawo ama Chitawuri nobubi bawo lapho kuthwala ngabaNtu nezingane, zishiswe zilengiswe eziphambanweni. Amasonto ayakwazi ukubopha umqondo womuNtu ungakwazi ukuyiqonda lencwadi ukuthi ithini ngokusebenzisa isayensi yezimbulu.
Sesiphetha kusobala ukuthi lempi impi yomoya lapho kubekene khona Umveliqangi nomubi, uMveliqangi ngokungahlulwa yilutho siyambona eyidudula impi yomubi eyoyiphosa eweni. Incwadi yekhubalo lezimbulu siyayibona abaka Mdali beyishisa namhlanje bekhombisa uMveliqangi ukuthi abasekho ngaphansi kwesandla sezimbulu ama Chitawuri. Amasonto siyawabona ephelelwe umqondo wamanga angawusho kulezi zinsuku enza sengathi awaboni ezweni kwenzekani, iqiniso ukuthi izikhulu zawo ama Chitawuri amakhulu ayakha imiqondo emisha yokunqoba abaNtu bakamdali kuningi kakhulu abakukhandayo abazokuveza njengokusha kodwa akuseyukuphumelela.
Thina njengabaNsundu simele ukuhlambulula bonke ubumbulu esikuhogele emasontweni sihlanzeke sibe msulwa, sikhumbulu ukuthi UmuNtu nguMuNtu ngaBaNtu.
Njengezigodlo zeqiniso nemfihlo yempilo, amasonto ayizigodlo zama Chitauri agodle izimfihlo zembubhiso yokucekela phansi izwe nakho konke okuka Mvelinqangi.
Isonto lakho linezimfihlo ongazitshelwa kuthiwe ezikankulunkulu, (imfihlo yasezulwini) iyona lena yezimbulu ekubambile ukuthi ungabi oka Mdali kepha ube ngowe sonto.
Ibhalwe ngumbhali wencwadi –Shining Stars of Afrika
Where can I get the stick(induku/intonga) and the ring together with all the time shirts?